Ukhozi FM TV: Sikhuluma noAyanda Ntanzi ongumculi aphinde abengummeli
Ukhozi FM TV Ukhozi FM TV
30.8K subscribers
34,372 views
425

 Published On Premiered May 18, 2023

UNeliswa Cele othole ithuba lokuba nengxoxo no Ayanda Ntanzi. Kule ngxoxo bakhuluma ngezomthetho, ukuba umuntu osindisiwe kanye nangomculo.

Uthi uAyanda umndeni wakhe, ungumndeni wamaciko futhi ilapho uthando lwakhe lomculo luqhamuka khona. Baze baneqembu okuthiwa i-Sweet Melodies' okuyiqembu lomndeni. Okuyi nalapho afunde khona okuningi.

Usixoxela nangendodana yakhe, akholelwa ukuthi imenza umuntu ongcono. Uthi kwesinye isikhathi, ukuze akwazi ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe kumele angawathathi amanye amaGig.

UAyanda ucela abantu ukuba babenozwelo kwabanye abantu ikakhulukazi kosaziwayo, baqonde ukuthi njengoba bengosaziwayo lokho akusho ukuthi ubuhlungu ababuzweli. "Lokhu okuzwayo, nami ngiyakuzwa"kuchaza uAyanda.

Thola okuningi ngo-Ayanda Ntanzi, ngokubukela le-video.

#UkhoziFM #UkhoziFMTV #AyandaNtanzi

show more

Share/Embed